Izimpabanga Zomhlaba

UFrantz Fanon waba ngenye yezincithabuchopho ebaluleke kakhulu yekhuluminyaka lama-20 lekholoniyalizimu ukwehlukana kwezihlanga, kanye nalokhu, umsebenzi wakhe obabazekayo, ongedlulelwa nkathi okanye neOrientalism kanye ne-The Autobiography of Malcolm X. Izimpabanga Zomhlaba ilucwaningo oluhlabahlosile lwesimongqondo sabakholonayiziwe kanye nendlela yabo eya enkululekweni.

Description

UFrantz Fanon waba ngenye yezincithabuchopho ebaluleke kakhulu yekhuluminyaka lama-20 lekholoniyalizimu ukwehlukana kwezihlanga, kanye nalokhu, umsebenzi wakhe obabazekayo, ongedlulelwa nkathi okanye neOrientalism kanye ne-The Autobiography of Malcolm X. Izimpabanga Zomhlaba ilucwaningo oluhlabahlosile lwesimongqondo sabakholonayiziwe kanye nendlela yabo eya enkululekweni. Inenjula eyodwa olakeni lwabantu abakholonayiziwe kanye nendima yodlame oguqukweni olungokomlando, lencwadi ngokunembile ibuye ihlasele ukwephucwa kwamalungelo ezindimbane zabantu yizifundiswa ngakolunye uhlangothi, kanye nenzondo ephakathi kwezinhlanga naphakathi kwezinkolo ngakolunye uhlangothi. Incwadi elusizo yokuhlelwa kabusha kwemiphakathi yabahloli bezizwe ezisathuthukayo, Izimpabanga Zomhlaba ibe negalelo elikhulu kumalungelo emiphakathi, ukulwisana nekholonalizimu, kanye nezinhlangano zengqwebukamqondo yabansundu emhlabeni wonke jikelele.

Lesi sihumusho esisha sesiZulu okuletha umsebenzi wakhe kuzihlwele ezintsha zabafundi.

About the Translator

UMakhosazana Xaba ungumbhali, umhleli wezincwadi, kanye nembongi. Usebhale
izincwadi zeqoqo lezinkondlo ezine; these hands, Tongues of their Mothers, The
Alkalinity of Bottled Water kanye ne The Art of Waiting for Tales: Found Poetry
from Grace: a novel. Iqoqo lakhe lokuqala lezindatshana ezimfishane i-Running
and Other Stories, lazuza ngokubambisana umklomelo ka-2014 we-South African
Literary Awards kanye neNadine Gordimer Short Story Award. UXaba usebe
ngumhleli wezincwadi eziningana kuhlanganisa u-Our Words, Our Worlds: Writing
on Black South African Women Poets, 2000–2018, kanye nezintathu zezindaba
ezimfishane ezimayelana ne-Queer Africa (esebenzisana noKaren Martin), wabhala
nesingeniso sika-Noni Jabavu: A Stranger at Home (ekanye no-Athambile Masola).
Izimpabanga Zomhlaba incwadi yokuqala ayihumushile.

Additional information

Weight 0.25 kg
Dimensions 21 × 14 × 3 cm